Ukusetshenziswa kodlelwanomvelo (imvelo nokuxhumana kwayo) lomhlaba kanye nezinsizakuphila zalo, kusetshenziswa ngabantu

Izinsizakuphila kanye nobungozi bodlelwanomvelo (imvelo nokuxhumana kwayo)

Isivuno esitholakala olwandle © Anatrack Ltd
Isivuno esitholakala olwandle © Anatrack Ltd

Kungani uyikhathalela imvelo? Ingabe kungenxa yokuthi impilo yakho incike kuyo imvelo, njengabantu abaningi kwamanye amazwe ezingxenyeni zasemaphandleni? Ukukhonzile yini ukuvuna izithelo zasendle kanye namakhowe okanye ukudoba izinhlanzi noma ukuzingela ngezindlela ezahlukahlukene? Kwamanye amazwe ukudla ikakhulukazi, kutholakala ezitolo, kodwa ngokwejwayelekile ngaphezu kwengxenye eyodwa kwezintathu yabantu, inamasiko aqinile okuthola ukudla kwimvelo. Mhlawumbe umane uthakasele ukuzibukela imvelo yasendle, mhlawumbe ngenkathi wehlisa ingcindezi lapho uzivocavoca? Uma kunjalo, usebenzisa lokho okubizwa ngokuthi yizinsizampilo zokukhiqiza nezamasiko. Imililo yasendle, izikhukhula nokuqubuka kwezilokazane ezitshalweni noma emakhaya, kuvame ukuba umkhiqizo wezinto eziphilayo lapho sekulimazeke khona izinsizakuphila zokulawula. Impilo yawowonke umuntu incike kwizinqubo zezinsizakuphila ezesekela umoya ophefumulekayo, amanzi ahlanzekile kanye nesimo sezulu esibekezelekayo.

Imithelela yabantu kudlelwanomvelo (imvelo nokuxhumana kwayo).

Izimboni zingawungcolisa umkhathi, umhlabathi kanye namanzi © Hramovnick/Shutterstock
Izimboni zingawungcolisa umkhathi, umhlabathi kanye namanzi © Hramovnick/Shutterstock

Ukuguqula kwethu imvelo ukuze izuzise thina, kungaba nemithelela emibi. Izindawo ezivundile, izindawo ezinotshani, amahlathi kanye namaxhaphozi kunokuguqulwa kwenziwe izindawo zamapulazi okutshalwa kuwo uhlobo olulodwa lwesitshalo okubangela ukuba kulahleke izinhlobo eziningi ezahlukahlukene zemvelo yasendle futhi kube nomphumela wokwehla kokuvunda kwenhlabathi. Ezindaweni ezingakulungele ukulinywa kakhulu, ukufuywa kwezilwane kuthatha indawo yezilwane zasendle, ngezinguquko ezengeziwe ngokususwa kwezilwane ezidla ezinye nokukhuphuka kwengcindezi yokudliwa kwezimila. Ezindaweni ezingavundile kahle okanye ezindaweni okungafinyeleleki kuzo kalula, njenge-tundra, amaxhaphozi nogwadule, ukuthuthukisa ezokuzijabulisa kulezondawo kungaba nemithelela emibi, kugcine sekushiyeke indawo encane yehlane lendalo. Nangaphandle kwemithelela yobudedengu eyenziwa yimiphakathi yakulezondawo kanye nemiphakathi yabantu esuke ivakashile, indlela okulahlwa ngayo ama-plastiki emhlabeni jikelele kanye nezinto ezingcolisa umoya namanzi, kufinyelela nasezindaweni zasemaphandleni, ingasaphathwa eyokuguquguquka kwesimo sezulu emhlabeni. Ezinye izinkinga ezixhaphakele zenzeka ngokudluliswa ngephutha kwezifo kanye nokulethwa kwezinto eziphilayo ezinezinga eliphezulu lokubekezelela uguquko okunalezo ezitholakala kuleyondawo ngokwemvelo. Zonke lezinkinga zinganciphisa izinsizakuphila ezidingwa ngabantu, abaziphiwa yimvelo kanye nezinsizakuphila ezidingwa nayezinye izinto eziphilayo nazo futhi esiphila kanye nazo emhlabeni wethu.

Ukunakekela imithelela yabantu kudlelwanomvelo (imvelo kanye nokuxhumana kwayo)

Uma kuvela izinkinga, zivame ukutholwa yimiphakathi yendawo kokunye iphinde iqhamuke nezixazululo ngezindlela ezihambisana nemvelo futhi ezingabizi kakhulu. Amakhono ahlukahlukene ayadingeka ekuphatheni izinsizakuphila zemvelo, okubandakanya nemizamo ebonakalayo yabalimi basendaweni, abamahlathi, abadobi, abazingeli, ababuki bezilwane zasendle, abaqoqi bemithi yasendle kanye nabasebenzi basezingadini, abasizwa ososayensi baphinde baxhaswe ngohulumeni babo. Ingcebo yemvelo ingavuselelwa kuze kufinyelele ezingeni elithize, uma inganikezwa nje isikhathi esanele nezimo ezifanelekile. Ezinye izici njengezimila zemvelo kanye nezilwanyazana ezincane njengezinambuzane nezinye izilwanyazana, ezimweni eziningi ubukhona bazo bungavuselelwa ngokushesha okukhulu; noma kunjalo, amahlathi asevuthiwe athatha amashumi eminyaka ukuphinda avuseleleke ngesimo esigculisayo, futhi nenhlabathi ingathatha amakhulukhulu eminyaka ukuba ivunde ngendlela egcwalisekile. Ukuze ulawule futhi ufake ugqozi emsebenzini onjalo, ososayensi nohulumeni kudingeka baqonde ukuthi bangayikhuthaza kanjani imizamo yabantu basendaweni baphinde babacathulise nasemizanyweni yabo. Abantu basendaweni bangagquqguzelwa ukuba nabo baphose esivivaneni sokongiwa kwemvelo futhi babelane nangolwazi lwabo ngenhloso yokusebenzisa imvelo ngendlela elinganiselwe futhi esimeme kwizinsizakuphila esezivuselelekile.