Ukungqubuzana Kwabantu Nokuxhumana

i-Pripyat kanye ne-Chernobyl zayekelelwa emveni kokuqhuma kwe-reactor ngo-1986 © R.Vicups/Shutterstock
i-Pripyat kanye ne-Chernobyl zayekelelwa emveni kokuqhuma kwe-reactor ngo-1986 © R.Vicups/Shutterstock

Izimpi zesimanje zinobungozi kudlelwanomvelo (kwimvelo nasekuxhumaneni kwayo), ezehluka kusukela ekusetshenziweni ngokweqile kwezitshalo nezilwane kuya emililweni nasekungcolisweni, okucekela phansi izindawo ezihlala izilwane, ngokukhiqizwa kwamagesi abamba ukushisa emkhathini ekhiqizwa izimboni. Imvelo engakwazi ukuhamba neyanda kancane yona ilulama kancance kancane ngokuhamba kwesikhathi. Ukululama kwamahlathi nje kungathatha amakhulukhulu eminyaka. Ngakho-ke, iziNgqungquthela zase-Geneva zibalula ukuba amazwe alwayo avikele imvelo "emonakalweni osabalele, wesikhathi eside kanye nomkhulu" futhi anqabela izindlela zempi "okuhloswe ngazo noma okulindeleke ukuthi" zibangele umonakalo onjalo. Umonakalo onjalo ungabangelwa ukusetshenziswa kwezikhalo zenuzi. E-Chernobyl e-Ukraine, lapho isiphehli senuzi saqhuma khona ngo-1986, umsebenzi omningi wenhlabathi wathikamezeka waze wabuyela esimweni emveni kweminyaka engu-30, kodwa okunye ukuthikamezeka kwemvelo kungase kuhlale isikhathi eside kunaleso. Ubungozi kwimvelojikelele ngokusetshenziswa kwezikhali eziningi zenuzi kufaka namathuba 'obusika benuzi' lapho izitshalo zikhula kancane iminyaka eminingana.

Ukwehluleka kokuphatha ngobambiswano

Izakhiwo nezihlahla okwalinyalwa yimpi e-Chechnya  © V.Melnik/Shutterstock
Izakhiwo nezihlahla okwalinyalwa yimpi e-Chechnya © V.Melnik/Shutterstock

Impi iveza ukwehluleka kokuphatha ngokubambisana. Abantu sebephile njengemiphakathi kanye nanjengezilwane ezinokuncintisana. Ngenxa yezingozi zokuncintisana okunonya, imithetho yemiphakathi yayisungulelwe ukulawula ukuziphatha kwabantu ngamunye emiphakathini abakuyo. Kamuva nje, iNhlangano Yezizwe Ezihlangeneyo kanye nezinye izithangami zomhlaba jikelele zenza ngokusemthethweni ukuvumelana kwamazwe ngamazwe ngezidingo ezinhle zokuphatha kuyo yonke imiphakathi, isibonelo nge Ngqungquthela yase-Geneva. Ngokuhamba kwesikhathi imiphakathi iyayishintsha imithetho yayo yangaphakathi, kodwa loku kudingeka ikwenze ngesineke nangokushesha komphakathi ngamunye. Ukuxhumana kwesimanje kungalusheshisa ushintsho ukusabalala kolwazi olungahlosiwe kungadala uqgekeko kubange nokuhluthuka kwemimoya.

Imithelela engaqondile kanye nezixazululo ezingaba khona zomhlaba-nezasekhaya.

Amadada abhukuda ngokuthula eduze komkhumbi wezempi
Amadada abhukuda ngokuthula eduze komkhumbi wezempi

Imiphumela ecashile yempi ingase ibe yingozi kakhulu kwimvelo nokuphelela kwayo. Uluntu kuye kwadinga lulwisane ne Covid-19, ekubeni lubhekene nempi enobungozi obukhulu yokuguquguquka kwesimo sezulu. Ukusinda kuleyompi kudinga ukuzwana phakathi kwezizwe, kanye nezimo zomnotho zamazwe ezisimeme ukuze kuxhaswe ukuguqulela ezamandla zishintshelwe emandleni avuselelekayo. Ukungaboni ngasolinye emazweni kanye naphakathi kwamazwe akulimazi nje kuphela umnotho wezwe kodwa futhi kuphazamisa nezidingo zemiphakathi ukubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu.Loku ngaboni ngasolinye phakathi kwamazwe kungabhebhethekiswa ukunqandwa kokuthelelana ngolwazi kanti emazweni kungabhebhethekiswa uqhekeko oludalwa ulwazi olutholakala kwi-internet. Ngakho-ke, abantu basendaweni ababhekelene nezomhlaba nezilwane bangase bangakwazi ukubekezelela ezinye izidingo zemvelo, okunokuba badale ubambiswano ekubhekaneni nokuguquguquka kwesimo sezulu, ngenxa yokuxoveka kwemibono okudalwa yizinkundla zokuxhumana.

 

Kodwa-ke, i-internet idala amathuba okuphatha ngokubambisana ajule kangangobungozi bayo ebuqothweni bamasiko. Njengoba isivumelwano sokuvumelana silawula iNhlangano Yezizwe Ezihlangene, kunjalo nangokuvumelana kwezintshisekelo eziningi okuyisisekelo sahulumeni wasekhaya. I-internet ikhuthaza ukuphatha ngobambiswano komhlaba-khaya (ezomhlaba kanye nezasekhaya), isibonelo nje ulwazi lwasekhaya kanye nokuqapha okuthekelwaniswe ngakho nemibono esezingeni lomhlaba ukuze kutholakale isiqondiso esincono (njengayo le-network). Ukwenyuka kokuhleleka amazingeni anezinqumo zokuvumelana kungase kunikeze uluntu isikhathi sokuthola ukuthi ukuphatha ngokubambisana neqembu elilodwa noma amaningi kungasebenza kanjani kangcono emazingeni ohulumeni abakhulu.