Ukusiza ingcebo yemvelo ukuze ibekezelane noshintsho

'indlela yodlelwanomvelo' (imvelo nokuxhumana kwayo)

Abazingeli bavuselele amakhulu ngamakhulu amaxhaphozi eNyakatho yeMelika ngosizo oluvela kwi © Ducks Unlimited
Abazingeli bavuselele amakhulu ngamakhulu amaxhaphozi eNyakatho yeMelika ngosizo oluvela kwi © Ducks Unlimited

Indlela yokuphatha imvelo iyakwemukela ukuthi uguquko kwimvelo kanye nasezintweni eziphilayo ezitholakala endle, nokwehlukahlukana kwazo, alunakugwenywa ngenxa yezinguquko zemvelo, ezingenzeka ngokushesha noma kancane kancane. Isibonelo amachibi angajulile agcwala inzika yenhlabathi evela ezintabeni. Abantu bayayishintsha imvelo ngamabomu, ngokwesibonelo bashintsha ihlathi libe yindawo yokulima, baphinde futhi ngokungazi benze izindawo esezalinywa kakhulu, lapho inhlabthi yazo isiguguleka, ziphenduke ihlane noma indawo evundile. Eminye imithelela yabantu isheshisa izinguquko zemvelo ezenzeka ngokungazi, njengokuguquguquka kwesimo sezulu. Imithelela yabantu ezinhlelweni zodlelwanomvelo (imvelo nokuxhumana kwayo), kwesinye isikhathi ingancishiswa kakhulu, uma labo abasebenzisa imikhiqizo yalezizinhlelo zodlwelwanomvelo bethatha izinyathelo ezifanele. Ngenxa yalokhu, abadobi bathuthukisa izitebhisi zokudoba emadanyini kanti nabazingeli bamadada bavuselela amaxhaphozi. Ukulimala kwendawo kungalungiswa ngokushesha uma ulwazi oluphakathi lusiza ukuthuthukisa amakhono endawo futhi kunezimali ezanele zokuqinisa imizamo yemiphakathi yasendaweni, eholwa izinhlaka ezinezintshisekelo.

Ukuphila kwezilwane zasendle ngaphansi kwesimo soguquko

Izindawo zokuzalela zezinkonjane sezinyukela ngasenyakatho © Gallinago_media/Shutterstock
Izindawo zokuzalela zezinkonjane sezinyukela ngasenyakatho © Gallinago_media/Shutterstock

Isivinini sokushintsha kwemvelo sikhonjiswa yizinhlobo zezinto eziphilayo ezitholakala kuyo. Ezindaweni ezingafudumele, izimbali ziyaqhakaza kanti nezinambuzane ziqhamuka ekuqaleni konyaka ngamunye ngenxa yokwenyuka kwamazinga okushisa. Ezindaweni ezifudumele khona, ukushintsha kwemvula kuphazamisa izimila. Yomibili lemikhokha ingabonakala esikhathini sokufuduka kanjalo futhi nasekuzinzeni kwezinyoni ezifudukayo, njengoba ezinye zifuduka ziye ngasenyakatho ziyozalela khona. Izinto eziphilayo ezingahambi kakhulu zivame ukusheshe ziyijwayele indawo, kepha imvamisa azikwazi ukusakazeka ngokushesha ziye ezindaweni ezintsha uma sekukhona ubungozi endaweni yazo, ikakhulukazi uma zigcineke ngasogwini noma uma zihlala ezintabeni eziqhelelene. Isidalwa siyadla kanti futhi naso sidliwa ngezinye izidalwa, ngakho ukushabalala kwento ephilayo endaweni kunomthelela nakwezinye izinto eziphilayo ezitholakala kuleyondawo. Wonke umuntu kudingeka azi ngezinguquko ezisobala kakhulukazi ezenzeka endaweni aphila kuwo, nokuthi ngabe lezozinguquko zisho ukuthini kuye nasemndenini wakhe. Isikole sangakini noma indawo osebenza kuyo ngabe iyiso yini isikhungo solwazi olunjalo?

Abantu bemukela ukuguquka kwesimo abaphila kuso

Sweet Cows (imihlambi yezinkomo) esezamukele ukuhlala ehlathini e Columbia © April DeBord/Shutterstock
Sweet Cows (imihlambi yezinkomo) esezamukele ukuhlala ehlathini e Columbia © April DeBord/Shutterstock

Nabantu abahlala emadolobheni nabo izimpilo zabo zincike kwimvelo ukuze bathole ukudla, amanzi kanye nomoya, ngakho ukuguquka kwemvelo kuthikameza thina sonke. Abalimi badinga isimo sezulu esiqondakalayo ukuze bezokwazi ukutshala izinto ezidliwayo, unyaka nonyaka. Kunokuguquguquka osekuthe xaxa maqondana nokuthi utshani bemfuyo bukhula kanjani, ezindaweni ezimanzi noma emaqeleni omile, ngenhloso yokugcina ukudla kwemfuyo ukubhekelela okwesikhashana izikhathi zendlala. Kodwa-ke ukungabikhona kwemvula isikhathi eside kuyinkinga kukhona kokubili, ezintshalweni kanye nasemfuyweni, kanjalo futhi nasekuvikeleni amahlathi ukuba angashi eminyakeni eminingi yokukhuliswa kwehlathi ukuze kuvunwe izingodo. Ngenhlanhla, amahlathi angasiza ukugcina umswakama emhlabathini kanye nokugcina i-carbon khona emhlabathini kanti futhi abantu abangavamile ukudla inyama yezilwane ezifuyiwe, bangehlisa amazinga okukhiqiza i-gas ebamba ukushisa emkhathini, ekhiqizeka ngokukhulisa imfuyo emaplazini. Kodwa-ke, ukudla inyama kungaba yikona kusetshenziswa komhlaba kanye namathafa okusimeme kunokulima izindawo ezingakulungele ukutshala. Ukuzingela izilwane zasendle nakho kungangenisa umnotho ongaphezu kwalowo ongangeniswa yimfuyo, ekhuliswe emhlabeni ofanayo, lokhu sekukhonjiswe ezindaweni eziningi zase-Afrika lapho izindleko zokuvikela izifo emfuyweni zibiza kakhulu, zibe zinamandla afanayo uma ziqhathaniswa nakwezinye inindawo ‘ezivuselelwe kabusha’