Inhloso Yethu

uMfelandawonye Ngemvelo wenzelwa ukuqondisa abantu ukuze bavuselele futhi besekele ingcebo nezinsizakalo zemvelo nomakuphi lapho zitholakala khona.

 

Udlelwanomvelo (imvelo nokuxhumana kwayo) komhlaba kanye nezinsizakuphila zalo.

Ukubukeka kokuphuma komhlaba uma kubukwa ku-Apollo 8, ekuhambeni kwenyanga © NASA
Ukubukeka kokuphuma komhlaba uma kubukwa ku-Apollo 8, ekuhambeni kwenyanga © NASA

Cabanga umhlaba njengebhola likanobhujuzwayo elibanjwe phakathi kwezandla ezeluliwe. I-ecosphere, noma utwetwesi olwesekela impilo ngaphezulu nangaphansi komhlabathi noma kwamanzi, uhlonzo lwalo lungaphansi kozipho lomunwe! Leyo 'ecosphere' entekenteke iqukethe ingxubevange enhle yezinhlelo zemvelo, yakhiwe izitshalo, izilwane kanye nezinye izinto eziphilayo, kanye nomhlabathi, amanzi kanye nomoya okuzesekayo. Kwathina siyingxenye yazo lezizinhlelo zemvelo ezibandakanya amahlathi, izintaba, izindawo ezinotshani, izingwadule, amachibi, imifula kanye nezilwandle. Impilo yethu incike kakhulu empilweni nasezinsizakalweni kanye nasekuxhumaneni kwemvelo yomhlaba jikelele.

Izinto eziphilayo ngaphakathi kodlelwanomvelo (imvelo nokuxhumana kwayo)

I Grey Partridge, iyingqayizivele yepulazi elinakekelwe kahle © Matej Vranič
I Grey Partridge, iyingqayizivele yepulazi elinakekelwe kahle © Matej Vranič

Manje ake ucabange idlanzana lomdibi wezinto eziphilayo (izimila, izilwane, isikhunta noma ezinye zezinto ezincane eziphilayo kodwa ezingabonakali ngamehlo enyama), zisendaweni yemvelo enokudla okuningi nendawo yokuhlala, kube kungekho ngozi yokudliwa ezinye izinto, kungekho zifo, izimuncagazi kanti futhi nezinye izinhlobo zokufa nazo zingekho. Ucwaningo lukhombisa ukuthi umhlambi noma ngabe ngowani ophila esimweni esinjalo, uyokhula ngokudlondlobala. Isikhathi esidingakalayo ukuba umhlambi udlondlobale siyehluka kuye ngobukhulu bento nento ephilayo, okungamagciwane kuphindaphindeka kabili ngemizuzu nje embalwa, kepha izindlovu zona zithathe iminyaka eyishumi noma ngaphezulu ukuba zande ngokuphindiwe, kuthi imihlambi yezilwane eziningi ezincane nezimila kona kwande kaningi ngonyaka. Imihlambi ekhula kanjalo ivame ukunqandwa ukungatholakali kokudla bese ishatshalaliswa yindlala. Isikhathi esiningi, imihlambi yezilwane esezikhulile kanye nezimila esezikhulile, kona akuvamile ukwanda ngendlela enjalo. Izingozi, ukudliwa ezinye izilwane, kanye nezifo kuhlasela insalela yezinto eziphilayo ezisuke zisakhula, bese kuthi ezimbalwa zibulawe yindlala. Zimbalwa ezifinyelela 'ebudaleni obugcwele'. Izinto ezifayo ziphenduka ukudla kwezinye ezisuke zisaphila, okubandakanya nathi thina bantu.

Umthelela wethu kwimvelo noma kubudlelwanomvelo (imvelo nokuxhumana kwayo).

Abantu bebephila njengabazingeli nabaqoqi iminyaka eyizinkulungwane ngezinkulungwane ngaphambi kokuba sifunde ukufuya izilwane nokukhulisa izitshalo. Ezolimo zasabalala kabanzi kulandela isikhathi seminyaka-yeqhwa, loku kwaletha ukuba khona kwesimo sokudla esizinzile okwabanga ukwakhiwa kwezindawo zokuhlala zabantu nokuchuma kwazo, ngokuhamba kwesikhathi okwaholela ekubeni khona kwamadolobha. Ukwanda kwenani labantu ngendlela emangazayo, kwabangela umonakalo omkhulu kwimvelo kanye nasesimweni sezulu. Uma imvelo iphazanyiswa ukwedlula amazinga athile abucayi, izindawo zezinto eziphilayo ziyayeka ukuphilisana ngendlela yemvelo eyimpumelelo, okuholela ekuthintekeni okuyingcuphe kwezimpilo zabantu kanye nezinye izici zemvelo. Emaphandleni, imisebenzi yethu ingahle iholele ekuvunweni okweqile kwezinto zasendle uma izinhlelo zingaphethwe kahle. Emadolobheni sethembele ezindaweni zemvelo ezilawulwayo ezitholakala ezindaweni ezithile esithembele kuzo ukuba zikhiqize izinsizampilo ezinzulu. Empilweni yesimanje, yidlanzana kuphela lezakhamuzi eliqonda izinqubo ezibandakanyekayo, kanti nemithetho eyenziwe yiningi labantu basemadolobheni ivame ukungezwakali kahle emiphakathini yasemaphandleni. Njengoba inani labantu selifinyelele emazingeni angakaze abonwe, kunzima ukugwema imithelela elimaza imithombo yemvelo, ngaphandle kokusebenzisa indlela edidiyeliwe nenolwazi lokusetshenziswa kwezesayensi kanye nolwazi olunemiphumela emihle.